Bheka! Ukuncika kwalo obondeni!
Licosha izintuli, likhithiza ukuthomba
Phela lena kwaku-y-imilenze yakhe yensimbi
Eya esikoleni, esontweni, noma eya ko qhetha
Ngamhla lishisa noma linetha
Kwathi ngalanga limbe wabuya ewulwandle
Engakhulumisi muntu
Ngaqaphelisa udaka eyembeni lakhe
Kanye notshani embungculu yekhanda lakhe
Emva kwesikhathi ngacaciselwa ngengozi engatheni
Ayeke wahlangabezana nayo
Phela washayisa itshe wavuka phansi
Ngalelo langa, ngabo bonke lobo busuku
Imilenze yensimbi yalala phansi, yalala phandle
Kodwa kwathi ngosuku olwalandela lolo
Kuse mpondo zankomo nge hora lesihlanu
Ngavuswa umsindo wakhe
Ehlikihla insimbi
Eshikisha irabha
Eselungele ukungena indlela
Kodwa manje selincika ngobonda usuku lonke-

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/zulu-inkondlo-ibhayisikili-elidala/